Ujobe 1:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. USathane wamphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?

10. Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.

11. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”

12. Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.

13. Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo,

Ujobe 1