13. Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo,
14. kwafika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabile eceleni kwazo,
15. lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”
16. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”
17. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela, awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”
18. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;
19. bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu, washaya amagumbi omane endlu, yawa phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”
20. Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,
21. wathi:“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;ngiyakubuyela khona ngize;uJehova wapha, uJehova uthathile;malibongwe igama likaJehova.”
22. Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.