5. Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,abakhulumi iqiniso;bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,bazikhathaza ngokwenza okubi.
6. Uhlala phakathi kwenkohliso;ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.
7. Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi:“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,ngokuba ngingenze njaningenxa yendodakazi yabantu bami na?
8. Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,lukhuluma inkohliso;bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo,kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
9. Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”
10. Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila,namadlelo asehlane ukulilisela,ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo,kungezwakali ukukhonya kwezinkomo;izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
11. “Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwabanekhaya lamakhanka,ngenze imizi yakwaJuda incithakalo,lapho kungahlali muntu khona.”
12. Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?
13. UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,
14. kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”
15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.