Ujeremiya 9:3-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. “Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga,abaqinelanga iqiniso ezweni;kepha basuka kokubi, baya kokubi;mina-ke abangazi,” usho uJehova.

4. “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,ningethembi nakumfowenu,ngokuba abafowenu bonke bayaqinela,nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.

5. Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,abakhulumi iqiniso;bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,bazikhathaza ngokwenza okubi.

Ujeremiya 9