25. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,
26. iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”