13. UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,
14. kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”
15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.
16. Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”
17. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Qaphelani, nibize abesifazane besililoukuba bafike,nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyoukuba bafike,
18. basheshe basikhihlele isililo,ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi,nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
19. Ngokuba izwi lokukhala lizwakalalivela eSiyoni, lithi:‘Yeka ukuphangwa kwethu!Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe,ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”
20. Yebo, zwanini izwi likaJehovanina besifazane,izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe,nifundise amadodakazi enu ukukhala,kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.
21. Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu,kungene ezindlini zethu zamakhosiukunquma abantwana ezitaladini,nezinsizwa ezigcawini.
22. Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle,nanjengesithonto emva komvuni,kungekho okubuthayo.’ ”
23. Usho kanje uJehova, uthi:“Ohlakaniphileyo makangazibongingokuhlakanipha kwakhe,neqhawe malingazibongingobuqhawe balo,nocebileyo makangazibongingengcebo yakhe,
24. kepha ozibongayo makazibongengalokhu ukuthi uyangiqonda,angazi ukuthi nginguJehovaowenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni,ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.
25. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,