Ujeremiya 9:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?

13. UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,

14. kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”

15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.

16. Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”

17. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Qaphelani, nibize abesifazane besililoukuba bafike,nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyoukuba bafike,

Ujeremiya 9