Ujeremiya 9:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi,namehlo ami umthombo wezinyembeziukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bamiimini nobusuku.

2. Sengathi nga nginendawo yokulalakwezihambi ehlaneukuba ngishiye abantu bami,ngisuke kubo,ngokuba bangabaphingi bonke,umhlangano wabakhohlisi.

3. “Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga,abaqinelanga iqiniso ezweni;kepha basuka kokubi, baya kokubi;mina-ke abangazi,” usho uJehova.

4. “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,ningethembi nakumfowenu,ngokuba abafowenu bonke bayaqinela,nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.

5. Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,abakhulumi iqiniso;bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,bazikhathaza ngokwenza okubi.

6. Uhlala phakathi kwenkohliso;ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.

7. Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi:“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,ngokuba ngingenze njaningenxa yendodakazi yabantu bami na?

8. Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,lukhuluma inkohliso;bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo,kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

9. Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”

10. Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila,namadlelo asehlane ukulilisela,ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo,kungezwakali ukukhonya kwezinkomo;izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

11. “Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwabanekhaya lamakhanka,ngenze imizi yakwaJuda incithakalo,lapho kungahlali muntu khona.”

Ujeremiya 9