9. Abahlakaniphileyo bayakujabha,besabe, babhajwe;bheka, balilahlile izwi likaJehova,banokuhlakanipha kuni na?
10. Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye,namasimu abo kwabayakuwadla,ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulubayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonkebaqamba amanga.
11. Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi:“Ngukuthula, ngukuthula;”kepha akukho ukuthula.
12. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka, usho uJehova.
13. “ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova,‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini,namakhiwane emkhiwaneni;namaqabunga abunile;engibanikile khona kusukile kubo.’ ”