Ujeremiya 8:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.

3. Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’

4. “Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Abantu bayakuwa,bangabuyi basukume, na?Umuntu uyaphambuka,angabuyi aphenduke, na?

5. Bahlehlelani laba bantu baseJerusalemangokuhlehla njalonjalo na?Babambelela enkohlisweni,bala ukubuya.

6. Ngaqaphela, ngezwa;abakhulumanga kahle;akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi:“Ngenzeni na?”Bonke baphendukela emisebenzini yabonjengamahhashi aphulukundlela empini.

7. Nonogolantethe emkhathiniuyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo,ihobhe, nenkonjane, nonohemubagcina isikhathi sokufika kwabo,kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

8. “ ‘Ningasho kanjani, nithi:“Sihlakaniphile,umthetho kaJehova unathi,” na?Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhalilusebenzile okwamanga.

Ujeremiya 8