19. Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bamilivela ezweni elikude, lithi:“Akakho uJehova eSiyoni na?Ayikho inkosi yalo kulo na?”“Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyonangokuyize kwabezizwe na?”
20. “Ukuvuna kudlulile,ihlobo liphelile,kepha thina asisindiswanga.”
21. Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele;ngidabukile, ukumangala kungibambile.
22. Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na?Inyanga ayikho lapho na?Pho, ayipheleliswa nganiimpilo yendodakazi yabantu bami na?