Ujeremiya 8:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “ ‘Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,

2. baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.

3. Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’

4. “Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Abantu bayakuwa,bangabuyi basukume, na?Umuntu uyaphambuka,angabuyi aphenduke, na?

5. Bahlehlelani laba bantu baseJerusalemangokuhlehla njalonjalo na?Babambelela enkohlisweni,bala ukubuya.

Ujeremiya 8