1. “ ‘Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,
2. baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.
3. Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’
4. “Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Abantu bayakuwa,bangabuyi basukume, na?Umuntu uyaphambuka,angabuyi aphenduke, na?
5. Bahlehlelani laba bantu baseJerusalemangokuhlehla njalonjalo na?Babambelela enkohlisweni,bala ukubuya.
6. Ngaqaphela, ngezwa;abakhulumanga kahle;akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi:“Ngenzeni na?”Bonke baphendukela emisebenzini yabonjengamahhashi aphulukundlela empini.
7. Nonogolantethe emkhathiniuyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo,ihobhe, nenkonjane, nonohemubagcina isikhathi sokufika kwabo,kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.
8. “ ‘Ningasho kanjani, nithi:“Sihlakaniphile,umthetho kaJehova unathi,” na?Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhalilusebenzile okwamanga.
9. Abahlakaniphileyo bayakujabha,besabe, babhajwe;bheka, balilahlile izwi likaJehova,banokuhlakanipha kuni na?
10. Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye,namasimu abo kwabayakuwadla,ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulubayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonkebaqamba amanga.
11. Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi:“Ngukuthula, ngukuthula;”kepha akukho ukuthula.
12. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka, usho uJehova.