5. Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,
6. uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,
7. ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.
8. Bhekani, niyethemba emazwini amanga angenakusiza.
9. “ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,
10. bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” -- nize nenze zonke lezi zinengiso, na?
11. Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.
12. “ ‘Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u-Israyeli.
13. Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,
14. ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo, nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.
15. Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’
16. “Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.
17. Awuboni ukuthi benzani emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema na?
18. Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.