21. “ ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli: Thasiselani iminikelo yenu yokushiswa emihlatshelweni yenu, nidle inyama.
22. Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe,
23. kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.
24. Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.
25. Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.
26. Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’
27. “Uyakukhuluma onke lawo mazwi kubo, kepha abayikukulalela; uyakubabiza, kepha abayikukuphendula.
28. Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.
29. Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.
30. “ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.
31. Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.
32. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala, ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo.
33. Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.
34. Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.