Ujeremiya 7:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:

2. “Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi:“ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.

3. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.

4. Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”

5. Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,

6. uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,

7. ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.

8. Bhekani, niyethemba emazwini amanga angenakusiza.

9. “ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,

10. bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” -- nize nenze zonke lezi zinengiso, na?

11. Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.

Ujeremiya 7