Ujeremiya 6:13-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

14. Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’kepha akukho ukuthula.

15. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye,abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka,” usho uJehova.

16. Usho kanje uJehova, uthi:“Yimani ezindleleni, nibone,nibuze imikhondo yasenduloukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’

17. Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu,ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’

18. Ngalokho zwanini nina zizwe,wazi wena bandlaukuthi yintoni ephakathi kwabo.

19. Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka,ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu,izithelo zemicabango yabo,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami,nomthetho wami bawulahlile.

20. Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba,nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na?Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki,nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”

21. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso,oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo,umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”

22. Usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho;isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.

23. Babamba umnsalo nomkhonto;banonya, abanamusa,izwi labo liduma njengolwandle,bakhwele amahhashi,behleliwe njengabantu abayakulwa,behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”

24. Sizwile imibiko yalokho:izandla zethu ziyadangala;usizi lusibambile,imihelo njengeyobelethayo.

25. Ningaphumeli endle,ningahambi endleleni,ngokuba isitha sinenkemba,navalo nxazonke.

26. Ndodakazi yabantu bami,bhinca indwangu yamasaka,uhuquzele emlotheni,wenze isililo njengesendodana eyodwa,ukukhala okumunyu,ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.

27. “Ngikubekile ukuba ube ngumhlolinenqaba phakathi kwabantu bami,wazi, uhlole indlela yabo.

Ujeremiya 6