Ujeremiya 6:11-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova,ngikhathele ukunyamezela.“Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini,nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye,ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo,ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.

12. Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye,amasimu abo nawomkabo kanyekanye,ngokuba ngiyakwelulela isandla samikwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

13. “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

14. Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’kepha akukho ukuthula.

15. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye,abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka,” usho uJehova.

16. Usho kanje uJehova, uthi:“Yimani ezindleleni, nibone,nibuze imikhondo yasenduloukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’

17. Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu,ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’

18. Ngalokho zwanini nina zizwe,wazi wena bandlaukuthi yintoni ephakathi kwabo.

19. Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka,ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu,izithelo zemicabango yabo,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami,nomthetho wami bawulahlile.

20. Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba,nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na?Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki,nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”

21. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso,oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo,umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”

Ujeremiya 6