Ujeremiya 6:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Thuthani impahla eJerusalemanina bantwana bakwaBenjamini,nibethe amacilongo eThekhowa,niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi,ngokuba ububi bulunguza ngasenyakathonokuchitha okukhulu.

2. Indodakazi yaseSiyoni etotosiweyo nethambileyongiyakuyinquma.

3. Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo,bamise amatende abo ngakuyo nxazonke,baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.”

4. “Zingcweliseleni ukulwa nayo;vukani, sikhuphuke emini.Maye kithina! Ngokuba ilanga liyaphenduka,namathunzi okuhlwa aselulekile.

5. Vukani, sikhuphuke ebusuku,sichithe izindlu zayo zamakhosi.”

6. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Gawulani imithi yayo,ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema.Yiwo umuzi oyakuhanjelwa,ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.

7. Njengomthombo umpompoza amanzi awo,kanjalo umpompoza ububi bawo;ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo;ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.

8. Mawuxwayiswe, Jerusalema,funa umphefumulo wami wahlukane nawe,funa ngikwenze incithakalo,izwe elingahlalwa.”

9. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bayakuyikhothoza nokuyikhothozainsali yakwa-Israyeli njengomvini;buyisela isandla sakho emaqomeninjengobutha izithelo zomvini.”

10. Ngiyakukhuluma kubani,ngifakaze ukuba bezwe, na?Bheka, izindlebe zabo azisokile,abanakulalela;bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo,abathokozi ngalo.

11. Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova,ngikhathele ukunyamezela.“Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini,nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye,ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo,ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.

12. Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye,amasimu abo nawomkabo kanyekanye,ngokuba ngiyakwelulela isandla samikwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

13. “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

14. Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’kepha akukho ukuthula.

15. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye,abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka,” usho uJehova.

Ujeremiya 6