Ujeremiya 52:8-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.

9. Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.

10. Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.

11. Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

12. Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.

13. Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.

14. Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.

15. Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.

16. Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

17. Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela lonke ithusi lakho eBabele.

18. Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nemicakulo, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.

19. Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.

20. Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.

21. Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.

22. Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati.

23. Kwakukhona amapomegranati* angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngasemoyeni; onke amapomegranati asenetheni nxazonke ayeyikhulu.

24. Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;

Ujeremiya 52