Ujeremiya 52:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.

9. Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.

10. Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.

11. Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

Ujeremiya 52