Ujeremiya 51:60-64 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

60. UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele, onke lawa mazwi alotshiwe ngeBabele.

61. UJeremiya wathi kuSeraya: “Ekufikeni kwakho eBabele bhekisisa ukuba ufunde onke lawa mazwi,

62. uthi: ‘Jehova, wena ukhulumile ngale ndawo ukuba uyinqume ukuze kungabikho muntu ohlala kuyo, umuntu nasilwane, ngokuba iyakuba yihlane kuze kube phakade.’

63. Lapho usuqedile ukuyifunda le ncwadi, uyakubopha itshe kuyo, uyiphonse e-Ewufrathe,

64. uthi: ‘Kanjalo iBabele liyakushona, lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale.’ ”Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.

Ujeremiya 51