42. Ulwandle lukhuphukele iBabele,lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.
43. Imizi yalo ichithekile;yizwe elomileyo, nehlane,izwe elingahlalwa muntu,kungadluli kulo indodana yomuntu.
44. Ngiyakuhambela uBeli eBabele,ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo;izizwe azisayikugobhozela kuye,ugange lwaseBabele luyakuwa.
45. “Phumani phakathi kwalo,bantu bami,nizikhulule, kube yilowo nalowoekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.
46. Izinhliziyo zenu mazingadangali,ningesabi imibiko ezwakalayo ezweni,lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka,bese kufika emva kwawo omunyengomnyaka olandelayo,kube ngubudlova ezweni,umbusi avukele umbusi.
47. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,lapho ngiyakujezisa izithombe ezibaziweyo zaseBabele,izwe lonke lalo lijabhe,bonke ababuleweyo balo bawe phakathi kwalo.
48. Bese kuqhumuka izulu nomhlaba,nakho konke okukukho,ngokuhlabelela ngeBabele,ngokuba abachithi bayakumfikelabevela enyakatho,” usho uJehova.
49. “Yebo, neBabele limelwe ukuwa,nina babuleweyo bakwa-Israyeli,njengalokho iBabele laliwelwa ngababuleweyo bomhlaba wonke.
50. Nina eniphunyukile enkembeni hambani,ningemi;khumbulani uJehova nisekude,iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.
51. “Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba;amahloni asibekela ubuso bethu,ngokuba abafokazi bangenileezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.”
52. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho ngiyakuzihambela izithombe zalo ezibaziweyo,ababulawayo babubule ezweni lonke lalo.
53. Noma iBabele likhuphukela ezulwini,yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla,kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.
54. “Ngumsindo wokukhala ovela eBabele,nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,
55. ngokuba uJehova uyalichitha iBabele,aqede phakathi kwalo umsindo omkhulu;amaza alo ayahlokoma njengamanzi amakhulu,nomsindo wokuhlokoma kwawo uyezwakala,
56. ngokuba umchithi uyalehlela,alehlele iBabele,amaqhawe alo ayabanjwa,neminsalo yawo iyaphulwa,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo,uyakhokha nokukhokha.