Ujeremiya 51:34-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. UNebukadinesari,inkosi yaseBabeleungidlile wangiqeda;ungenze isitsha esingenalutho,wangigwinya njengodrako;*ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami,wangixosha.

35. “Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yamimabube phezu kweBabele,”makasho njalo owakhileyo eSiyoni.“Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya;”malisho njalo iJerusalema.

36. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakumela indaba yakho,ngikuphindisele,ngishise ulwandle lwalo,ngomise umthombo walo.

37. IBabele liyakuba yizinqwaba,nendawo yokuhlala kwamakhanka,nencithakalo, nento encimfelwayo,kungabikho ohlala khona.

38. Bayabhonga kanyekanye njengezingonyama,bakhale njengamabhongo ezingonyama.

39. Sebevuthile, ngiyakubenzela idili,ngibadakise ukuze baquleke,balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.

40. “Ngiyakubehlisela ekuhlatshweni njengamawundlu,njengezinqama nezimpongo.

41. “Yeka ukunqotshwa kweSheshakinokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba!Yeka ukwenziwa kweBabeleisimangaliso phakathi kwezizwe!

42. Ulwandle lukhuphukele iBabele,lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.

43. Imizi yalo ichithekile;yizwe elomileyo, nehlane,izwe elingahlalwa muntu,kungadluli kulo indodana yomuntu.

44. Ngiyakuhambela uBeli eBabele,ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo;izizwe azisayikugobhozela kuye,ugange lwaseBabele luyakuwa.

45. “Phumani phakathi kwalo,bantu bami,nizikhulule, kube yilowo nalowoekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.

46. Izinhliziyo zenu mazingadangali,ningesabi imibiko ezwakalayo ezweni,lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka,bese kufika emva kwawo omunyengomnyaka olandelayo,kube ngubudlova ezweni,umbusi avukele umbusi.

47. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,lapho ngiyakujezisa izithombe ezibaziweyo zaseBabele,izwe lonke lalo lijabhe,bonke ababuleweyo balo bawe phakathi kwalo.

Ujeremiya 51