Ujeremiya 51:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. “Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.

25. “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova,“wena ochitha wonke umhlaba;ngiyakwelulela isandla sami kuwe,ngikugingqe emadwaleni,ngikwenze intaba eshisiweyo.

26. Abayikuthatha kuweitshe legumbi netshe lesisekelo,ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade,” usho uJehova.

27. “Misani ibhanela* ezweni,nibethe amacilongo phakathi kwezizwe,ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo,nilibizele imibuso yase-Ararati,naseMini, nase-Ashikenaze,nibeke phezu kwalo umphathi wempi,nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.

28. Lingcweliseleni izizwe,amakhosi aseMediya,nezinduna zalo, nababusi balo,nalo lonke izwe elibuswa yibo.

Ujeremiya 51