14. UJehova Sebawoti uzifungile wathi:Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,bayakuhalalisa nokho ngawe.
15. “Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
16. Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.
17. “Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi,bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.
18. Ziyize, zingumsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
19. Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke,yebo, nesizwe sefa lakhe;nguJehova Sebawoti igama lakhe.
20. “Uyizembe lami nezikhali zokulwa;ngiyaphahlaza izizwe ngawe,ngawe ngiyachitha imibuso,
21. ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo,ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;
22. ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane,ngiphahlaze ngawe abadala nabasha,ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
23. ngiphahlaze ngawe umalusi nomhlambi wakhe,ngiphahlaze ngawe umlimi namabhanga akhe,ngiphahlaze ngawe izinduna nababusi.
24. “Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.
25. “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova,“wena ochitha wonke umhlaba;ngiyakwelulela isandla sami kuwe,ngikugingqe emadwaleni,ngikwenze intaba eshisiweyo.
26. Abayikuthatha kuweitshe legumbi netshe lesisekelo,ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade,” usho uJehova.
27. “Misani ibhanela* ezweni,nibethe amacilongo phakathi kwezizwe,ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo,nilibizele imibuso yase-Ararati,naseMini, nase-Ashikenaze,nibeke phezu kwalo umphathi wempi,nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.
28. Lingcweliseleni izizwe,amakhosi aseMediya,nezinduna zalo, nababusi balo,nalo lonke izwe elibuswa yibo.