12. Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele,niqinise umlindo, nimise abalindi,nihlele abaqamekeli,ngokuba uJehova ukuhlosile,futhi wakwenza lokho owakukhulumakwabakhileyo eBabele.
13. Wena ohlala ngasemanzini amakhulu,nonengcebo eningi,sekufikile ukugcina kwakho,isilinganiso sokuhaha kwakho.
14. UJehova Sebawoti uzifungile wathi:Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,bayakuhalalisa nokho ngawe.
15. “Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
16. Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.