Ujeremiya 51:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. “Lolani imicibisholo,nibambe izihlangu.UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya,ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe,ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova,impindiselo ngethempeli lakhe.

12. Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele,niqinise umlindo, nimise abalindi,nihlele abaqamekeli,ngokuba uJehova ukuhlosile,futhi wakwenza lokho owakukhulumakwabakhileyo eBabele.

13. Wena ohlala ngasemanzini amakhulu,nonengcebo eningi,sekufikile ukugcina kwakho,isilinganiso sokuhaha kwakho.

14. UJehova Sebawoti uzifungile wathi:Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,bayakuhalalisa nokho ngawe.

Ujeremiya 51