Ujeremiya 50:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “Balekani eBabele,niphume ezweni lamaKaledi,nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.

9. Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu,livela ezweni lasenyakatho,lizihlelele lona, linqotshwe lapho;imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo,elingabuyi ze.

10. IKalideya liyakuba yimpango;bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.

11. “Noma nithokoza,noma nijabula nina baphangi befa lami,noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza,niyiyizela njengamahhashi anamandla,

12. unyoko uyakujabha kakhulu,owangizalayo ayangaze;bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe,ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.

13. Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu,kepha liyakuba yincithakalo lonke;bonke abadlula eBabele bayakumangala,bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

14. “Zihleleleni iBabele nxazonkenina nonke eninsala umnsalo,nicibishele kulo,ninganqandi imicibisholo,ngokuba lonile kuJehova.

15. Memezani kulo nxazonke;lizinikele, izisekelo zalo ziwile,izingange zalo zidiliziwe,ngokuba kuyimpindiselo kaJehova;phindiselani kulo,nenze kulo njengokwenza kwalo.

16. Nqumani umhlwanyeli eBabelenobamba isikela ngesikhathi sokuvuna;ngenxa yenkemba ecindezelayoyilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe,yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.

17. “U-Israyeli uyimvu ezingelwayo;izingonyama zimxoshile.Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya,nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele,ugedlile amathambo akhe.”

18. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Bheka,ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo,njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.

Ujeremiya 50