7. Bonke ababafumanayo babaqeda;abamelene nabo bathi:‘Asitholi icala;ngokuba bonile kuJehova,ikhaya lokulunga,ithemba lawoyise, uJehova.’
8. “Balekani eBabele,niphume ezweni lamaKaledi,nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.
9. Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu,livela ezweni lasenyakatho,lizihlelele lona, linqotshwe lapho;imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo,elingabuyi ze.
10. IKalideya liyakuba yimpango;bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.
11. “Noma nithokoza,noma nijabula nina baphangi befa lami,noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza,niyiyizela njengamahhashi anamandla,
12. unyoko uyakujabha kakhulu,owangizalayo ayangaze;bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe,ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.
13. Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu,kepha liyakuba yincithakalo lonke;bonke abadlula eBabele bayakumangala,bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.
14. “Zihleleleni iBabele nxazonkenina nonke eninsala umnsalo,nicibishele kulo,ninganqandi imicibisholo,ngokuba lonile kuJehova.
15. Memezani kulo nxazonke;lizinikele, izisekelo zalo ziwile,izingange zalo zidiliziwe,ngokuba kuyimpindiselo kaJehova;phindiselani kulo,nenze kulo njengokwenza kwalo.
16. Nqumani umhlwanyeli eBabelenobamba isikela ngesikhathi sokuvuna;ngenxa yenkemba ecindezelayoyilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe,yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.
17. “U-Israyeli uyimvu ezingelwayo;izingonyama zimxoshile.Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya,nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele,ugedlile amathambo akhe.”
18. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Bheka,ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo,njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.
19. Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe,aklabe eKarmeli naseBashani,umphefumulo wakhe waneliswe ezintabenizakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.
20. Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,“kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli,akuyikubakho, nezono zakwaJuda,kepha aziyikufunyanwa,ngokuba ngiyakubathethelelaengibashiya ukuba babe yinsali.
21. “Khuphukela ezweni laseMeratayimi,*kulona nakwabakhileyo ePhekodi,*uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova,wenze konke engikuyale ngakho.
22. Kukhona umsindo wokulwa ezweninowencithakalo enkulu.
23. Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke,yeka ukwenziwa kweBabeleincithakalo phakathi kwezizwe!
24. Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi;wafunyanwa, wabanjwa,ngokuba ulwile noNkulunkulu.