Ujeremiya 50:33-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJudabacindezelwe kanyekanye;bonke ababathumbileyo bababamba,abavumi ukuba bahambe.

34. Kepha umkhululi wabo unamandla,nguJehova Sebawoti igama lakhe;uyakumela nokumela indaba yaboukuba aphumuze umhlaba,anyakazise abakhileyo eBabele.

35. “Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova,naphezu kwabakhileyo eBabele,naphezu kwezikhulu zalo,naphezu kwezihlakaniphi zalo.

36. Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga,babe yiziwula,inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo,aphele amandla.

37. Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo,naphezu kwezinqola zalo,naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantuephakathi kwalo,babe njengabesifazane;inkemba ifike phezu kwengcebo yalo,ize iphangwe.

38. Makufike ukusha phezu kwamanzi alo,aze ome,ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo,bahlanya ngemifanekiso yabo.

39. “Ngalokho izilwane zasehlaneziyakuhlala nezimpungushe,kuhlale khona nezintshe;alisayikuhlalwa kuze kube phakade,lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.

40. Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomoranemizi yawo eyakheleneyo,” usho uJehova,“kanjalo akuyikuhlala muntu khona,kungagogobali khona indodana yomuntu.

41. “Bheka, kuvela abantu enyakatho,isizwe esikhulu namakhosi amaningi,kuvuswe ekugcineni komhlaba.

42. Babamba umnsalo nomkhonto;banonya, abanamusa;izwi labo liduma njengolwandle;bakhwele amahhashi,behleliwe njengabantu abayakulwa nawendodakazi yaseBabele.

43. Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo,izandla zayo zaba buthakathaka;usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

44. Bheka,njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma,ngibagijimise, basuke kuyo;nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,ngokuba ngubani onjengami,ngubani onginqumelayo,ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

Ujeremiya 50