31. “Bheka,ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“ngokuba usuku lwakho lufikile,isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.
32. Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe,angabi naye omvusayo;ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe,udle konke okumzungezayo.”
33. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJudabacindezelwe kanyekanye;bonke ababathumbileyo bababamba,abavumi ukuba bahambe.
34. Kepha umkhululi wabo unamandla,nguJehova Sebawoti igama lakhe;uyakumela nokumela indaba yaboukuba aphumuze umhlaba,anyakazise abakhileyo eBabele.
35. “Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova,naphezu kwabakhileyo eBabele,naphezu kwezikhulu zalo,naphezu kwezihlakaniphi zalo.
36. Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga,babe yiziwula,inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo,aphele amandla.
37. Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo,naphezu kwezinqola zalo,naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantuephakathi kwalo,babe njengabesifazane;inkemba ifike phezu kwengcebo yalo,ize iphangwe.
38. Makufike ukusha phezu kwamanzi alo,aze ome,ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo,bahlanya ngemifanekiso yabo.
39. “Ngalokho izilwane zasehlaneziyakuhlala nezimpungushe,kuhlale khona nezintshe;alisayikuhlalwa kuze kube phakade,lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.
40. Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomoranemizi yawo eyakheleneyo,” usho uJehova,“kanjalo akuyikuhlala muntu khona,kungagogobali khona indodana yomuntu.