Ujeremiya 50:19-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe,aklabe eKarmeli naseBashani,umphefumulo wakhe waneliswe ezintabenizakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.

20. Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,“kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli,akuyikubakho, nezono zakwaJuda,kepha aziyikufunyanwa,ngokuba ngiyakubathethelelaengibashiya ukuba babe yinsali.

21. “Khuphukela ezweni laseMeratayimi,*kulona nakwabakhileyo ePhekodi,*uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova,wenze konke engikuyale ngakho.

22. Kukhona umsindo wokulwa ezweninowencithakalo enkulu.

23. Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke,yeka ukwenziwa kweBabeleincithakalo phakathi kwezizwe!

24. Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi;wafunyanwa, wabanjwa,ngokuba ulwile noNkulunkulu.

25. UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali,ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe,ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiinomsebenzi ezweni lamaKaledi.

26. Lifikeleni nivele emkhawulweni,nivule izinqolobane zalo,nilinqwabele libe yizinqwaba,niliqede nya, kungasali lutho kulo.

27. Hlabani zonke izinkunzi zalo;mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona!Ngokuba usuku lwazo lufikile,isikhathi sokuhanjelwa kwazo.

28. Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabeleukuba bamemeze eSiyoniimpindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu,impindiselo ngethempeli lakhe!

29. “Bizani abacibishelayo,balwe neBabele,bonke abansala umnsalo,nimise nxazonke zalo,lingabi nophunyukayo,niliphindisele njengezenzo zalo,nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo,ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.

30. Ngalokho izinsizwa zaloziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda alo empiayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.

31. “Bheka,ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“ngokuba usuku lwakho lufikile,isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.

Ujeremiya 50