15. Memezani kulo nxazonke;lizinikele, izisekelo zalo ziwile,izingange zalo zidiliziwe,ngokuba kuyimpindiselo kaJehova;phindiselani kulo,nenze kulo njengokwenza kwalo.
16. Nqumani umhlwanyeli eBabelenobamba isikela ngesikhathi sokuvuna;ngenxa yenkemba ecindezelayoyilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe,yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.
17. “U-Israyeli uyimvu ezingelwayo;izingonyama zimxoshile.Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya,nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele,ugedlile amathambo akhe.”
18. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Bheka,ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo,njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.
19. Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe,aklabe eKarmeli naseBashani,umphefumulo wakhe waneliswe ezintabenizakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.
20. Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,“kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli,akuyikubakho, nezono zakwaJuda,kepha aziyikufunyanwa,ngokuba ngiyakubathethelelaengibashiya ukuba babe yinsali.
21. “Khuphukela ezweni laseMeratayimi,*kulona nakwabakhileyo ePhekodi,*uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova,wenze konke engikuyale ngakho.
22. Kukhona umsindo wokulwa ezweninowencithakalo enkulu.
23. Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke,yeka ukwenziwa kweBabeleincithakalo phakathi kwezizwe!
24. Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi;wafunyanwa, wabanjwa,ngokuba ulwile noNkulunkulu.
25. UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali,ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe,ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiinomsebenzi ezweni lamaKaledi.
26. Lifikeleni nivele emkhawulweni,nivule izinqolobane zalo,nilinqwabele libe yizinqwaba,niliqede nya, kungasali lutho kulo.
27. Hlabani zonke izinkunzi zalo;mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona!Ngokuba usuku lwazo lufikile,isikhathi sokuhanjelwa kwazo.