1. Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.
2. “Memezani phakathi kwezizwe,nikuzwakalise, nimise ibhanela,*nikuzwakalise, ningakufihli, nithi:‘IBabele linqotshiwe,uBeli ujabhile,uMerodaki uphelile amandla;izithombe zalo zijabhile,imifanekiso yalo iphelile amandla.’
3. Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho,esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo,kungabikho ohlala kulo;abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.
4. “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,“bayakufika abantwana bakwa-Israyeli,bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye,behamba bekhala,befuna uJehova uNkulunkulu wabo.
5. Bayakubuza indlela yaseSiyoni,ubuso babo bubhekene nalo, bethi:Wozani nizihlanganise noJehovangesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.
6. “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo;abelusi babo babadukisile,babazulazulisa ezintabeni,basuka entabeni, baya egqumeni,bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.