Ujeremiya 5:12-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Zimphikile uJehova, zathi:“Hhayi yena!Okubi akuyikusehlela,asiyikubona inkemba nendlala.

13. Abaprofethi bayakuba ngumoya,akakho okhulumayo kubo;kuyakwenziwa kanjalo kubo.”

14. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi:“Ngokuba nikhuluma leli zwi,bhekani, ngiyakwenza amazwi amiabe ngumlilo emlonyeni wakho,nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.

15. Bhekani,ngiyakwehlisela phezu kwenuisizwe esivela kudenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova;“yisizwe esinamandla, yisizwe esidala,yisizwe ongazi ulimi lwaso,nongezwa lokhu abakukhulumayo.

16. Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo,bangamaqhawe bonke.

17. Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho,badle amadodana akho namadodakazi akho,badle izimvu zakho nezinkomo zakho,badle imivini yakho nemikhiwane yakho,bachithe ngenkemba imizi yakhoebiyelweyo othemba kuyo.

18. “Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.

19. Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’

20. “Memezani lokhu endlini kaJakobe,nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:

21. Yizwani lokhu nina bantueniyiziwula neningenakuqonda,eninamehlo, ningaboni kodwa,eninezindlebe, ningezwa kodwa.

22. Aningesabi yini,” usho uJehova,“anithuthumeli phambi kwami,mina engibeke isihlabathisibe ngumkhawulo wolwandle,umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na?Noma lugubha, alunakuwahlula;noma luduma, alunakudlula kuwo.

23. Kepha laba bantu banenhliziyoeyambukileyo nehlubukileyo;bambuka, bahamba.

24. Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi:‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethuonika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo,asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’

25. Ububi benu buchezukisile lokhu,nezono zenu zinenqabele okuhle.

Ujeremiya 5