1. “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema,nibone nazi,nicinge ezigcawini,uma ningafumana umuntu,uma kukhona owenza ukwahlulela,ofuna iqiniso;bese ngilithethelela.
2. Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’nokho bafunga amanga.”
3. Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na?Ubashayile, kepha abadabukanga;ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa;benza lukhuni ubuso babo kunetshe,bala ukuphenduka.
4. Ngase ngithi mina:“Laba bayizimpofana nje,bayiziwula,ngokuba abayazi indlela kaJehova,ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.