Ujeremiya 49:33-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. “IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhankanencithakalo kuze kube phakade;akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”

34. Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:

35. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bheka,ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu,okokuqala kwamandla abo.

36. Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamuimimoya emine emikhawulweni yomine yezulu,ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya,kungabe kusabakho sizwelapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.

37. Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandlangaphambi kwezitha zalonaphambi kwabafuna ukuphila kwabo,ngibehlisele okubi,ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova,“ngithume inkemba emva kwabo,ngize ngibaqede.

38. Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu,ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.

39. “Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcinangibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.

Ujeremiya 49