13. Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”
14. Ngizwile imibiko evela kuJehova;kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi:“Buthanani, nilihlasele,nisukele ukulwa.”
15. “Ngokuba bheka,ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe,udelelwe phakathi kwabantu.
16. Ukwesabeka kwakho kukudukisile,ukuziqhenya kwenhliziyo yakho,wena ohlezi emifantwini yamawaubambe isiqongo sentaba;noma wakha isidleke sakho njengokhozi,ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
17. “U-Edomi uyakuba yisimangaliso,kumangale yilowo nalowo odlula kuye,ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18. Njengasekuchithweni kweSodoma neGomoranemizi yangakhona,” usho uJehova,“akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
19. “Bheka,njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,iye endaweni eyinqaba,ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo;nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,ngokuba ngubani onjengami,ngubani onginqumelayo,ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
20. Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehovaasinike ngo-Edomi namaceboawacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi:Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.
21. Ngomsindo wokuwa kwaboumhlaba uyazamazama;ngukukhala okumsindo wakhouzwakele ngaseLwandle Olubomvu.
22. Bheka,onjengokhozi uyakhuphuka, andize,elulele amaphiko akhe kulo iBosira;izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomiziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
23. NgeDamaseku.“IHamati ne-Aripadi kujabhile,ngokuba kuzwile imibiko emibi,kuphela amandla.Kuyahlupheka njengolwandle,akunakuthula.
24. IDamaseku selibuthakathaka,liyaphenduka ukuba libaleke;ingebhe ilibambile,ukudabuka nosizi kulibambilenjengowesifazane obelethayo.
25. Yeka ukushiywa komuzi wodumo,umuzi wokuthokoza kwami!
26. Ngalokho izinsizwa zawoziyakuwa ezitaladini zalo,nawo onke amadoda empiayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.
27. “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”
28. NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.Usho kanje uJehova, uthi:“Sukani, nikhuphukele eKedari,nichithe abantwana basempumalanga.