Ujeremiya 47:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.

2. Usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,abe ngumfula okhukhulayo,akhukhule izwe nokugcwala kwalo,umuzi nabakhileyo kuwo;abantu bayakukhala,bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

3. Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,nangokuduma kwezinqola zakhe,nangodumo lwamasondo akheoyise ababheki emuva kubantwanangenxa yobuthakathaka bezandla zabo

4. ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilistinokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,insali yesiqhingi saseKafitori.

5. Ubumpandla bulehlele iGaza;i-Ashikeloni liphelile,insali yesigodi sabo;uyakuzisika kuze kube nini na?

Ujeremiya 47