6. “Onejubane makangabaleki naye,kungaphunyuki neqhawe;ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathebayakhubeka, bawe.
7. “Ngubani lo owenyuka njengeNayile,omanzi akhe agubha njengemifula.
8. IGibithe lenyuka njengeNayile,amanzi alo agubha njengemifula.Lithi: ‘Ngiyakwenyuka,ngisibekele umhlaba;ngiyakuchitha umuzi nabahlala kuwo.’
9. Yenyukani, mahhashi,nihlanye, zinqola,aphume amaqhawe:oKushe noPhuthi ababambe izihlangu,namaLudi abambe ensala umnsalo.
10. Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti,usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye.Inkemba iyakudla isuthe,izanelise ngegazi labo,ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatsheloezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.