1. Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi:
2. “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo
3. ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.
4. Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’