7. Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya.
8. Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo:
9. “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukubeka ukunxusa kwenu phambi kwakhe, uthi:
10. ‘Uma nihlala nokuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha nginganidilizi, nginitshale nginganisiphuli, ngokuba ngiyazisola ngokubi engikwenzile kini.
11. Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo.
12. Ngiyakuniphatha ngobubele ukuba inihawukele, inibuyisele ezweni lakini.’
13. “Kepha uma nithi: ‘Asiyikuhlala kuleli zwe,’ nize ningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu,
14. nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’
15. yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJuda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,
16. inkemba eniyesabayo iyakunifica khona ezweni laseGibithe, indlala eninovalo ngayo inamathele kini lapho eGibithe, nifele khona.
17. Kuyakuba njalo bonke abantu ababhekisa ubuso babo ukuya eGibithe ukuba bagogobale khona; bayakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kungabikho kubo oyakusala, aphunyuke ebubini engiyakubehlisela phezu kwabo.’
18. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’
19. “UJehova ukhulumile ngani ukuthi: ‘Wena nsali yakwaJuda, ungayi eGibithe;’ yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla.