Ujeremiya 41:7-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kwathi sebengenile phakathi komuzi, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye.

8. Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.

9. Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u-Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.

10. U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

11. Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwile konke okubi u-Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile,

12. bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni.

13. Kwathi lapho bonke abantu ababe no-Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza.

14. Base bephenduka bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa, babuya, baya kuJohanani indodana kaKhareya.

15. Kepha u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.

16. UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.

17. Bahamba, bahlala endaweni yokuphumula eKimihamu elingaseBetlehema ukuba bahambe, bangene eGibithe

18. ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

Ujeremiya 41