15. Kepha u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.
16. UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.
17. Bahamba, bahlala endaweni yokuphumula eKimihamu elingaseBetlehema ukuba bahambe, bangene eGibithe
18. ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.