Ujeremiya 41:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kwathi lapho bonke abantu ababe no-Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza.

14. Base bephenduka bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa, babuya, baya kuJohanani indodana kaKhareya.

15. Kepha u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.

16. UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.

17. Bahamba, bahlala endaweni yokuphumula eKimihamu elingaseBetlehema ukuba bahambe, bangene eGibithe

18. ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

Ujeremiya 41