13. UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazisendle beza kuGedaliya eMispa,
14. bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa-Amoni uthume u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na?” Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.
15. UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese, wathi: “Mangihambe ngimbulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?”
16. Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu wathi kuJohanani indodana kaKhareya: “Awuyikwenza le nto, ngokuba ukhuluma amanga ngo-Ishmayeli.”