Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.