Ujeremiya 4:26-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Ngabuka;bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehovanaphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

27. Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.

28. Umhlaba uyakhala ngalokhu,izulu phezulu limnyama,ngokuba ngikukhulumile,ngikuhlosile, ngingazisolanga;futhi angiyikubuya kukho.”

29. Umuzi wonke uyabalekangenxa yomsindo wabamahhashinowabemicibisholo;bayangena ezihlahleni,bakhuphukele emadwaleni;imizi yonke ishiyiwe,akakho ohlala kuyo.

30. Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na?Noma wembatha okubomvu,noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide,noma ugqaba amehlo akho ngomuthi,uzenza muhle ngeze;izithandwa zakho ziyakudelela,zifuna ukukubulala.

31. Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo,usizi lozibulayo,izwi lendodakazi yaseSiyonieheheza, ezelula izandla zayo, ithi:“Maye kimina!Ngokuba umphefumulo wamiuphele amandla ngababulali.”

Ujeremiya 4