23. Ngabuka umhlaba;bheka, wawuyize, wawungenalutho,nezulu lalingenakukhanya.
24. Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;onke amagquma anyakaza.
25. Ngabuka;bheka, kwakungekho muntu;izinyoni zonke zezulu zazibalekile.
26. Ngabuka;bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehovanaphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.
27. Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.
28. Umhlaba uyakhala ngalokhu,izulu phezulu limnyama,ngokuba ngikukhulumile,ngikuhlosile, ngingazisolanga;futhi angiyikubuya kukho.”
29. Umuzi wonke uyabalekangenxa yomsindo wabamahhashinowabemicibisholo;bayangena ezihlahleni,bakhuphukele emadwaleni;imizi yonke ishiyiwe,akakho ohlala kuyo.
30. Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na?Noma wembatha okubomvu,noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide,noma ugqaba amehlo akho ngomuthi,uzenza muhle ngeze;izithandwa zakho ziyakudelela,zifuna ukukubulala.